umaphipha umuthi?

Umaphipha uyangena kwimithi evula izinhlanhla igeze nedlozi, nesinyama izinto zakho zigqame zithi bha. maphipha umuthi uyangena emthini wecala. maphipha umuthi uyasikhipha isilwane uthakwe neminye imithi. Umaphipha uyangena emithini yokususa isichitho. uyaselapha isichitho bese usiphindisa emuva.

Umaphipha

Maphipha welapha ukhuphe

Maphipha induku mawuyisebenzi yenza omuhle umsebenzi lo, uma unomzimba olumayo uzwa sengathi kukhona okukuhambayo, izinto ezikuhamba ebusweni? engathi izilwane ukhuphe (umkhuphe), Uwodwa umaphipha ungathakwe nalutho uyayishaya leyonto, enza kanje: wogxobe bese uwubilise uyafutha, uyaphalaza. uyageza kodwa ngamanzi abandayo. Sokusavela ugesi noma uwunkonkotele ngoba aniwathengi vele amakhadi agesi nina.

umuthi wezinduna siyaphipha

Unenkinga yezinduna ebusweni. Pheka umaphipha wenze amalitha amabili phuza kathathu ngosuku. Bese unyusa igiyake manje ukiline isikhumba ube yimnanyule (brand new), Hlanganisa lemithi: futha, phalaza, uyageza izinsuku ezintathu uzoba yindoni yamanzi. Uzobona i ex yakho ikufonela icela ukubuyelana nawe.

umuthi wezitha or wabathakathi

Ake siphiphe isitha noma umthakathi, ncinda usebenzisa lemithi elandelayo uyawenza lomuthi uyakhuluma, uthi wena "ongigadlayo ngiphindisela zonke izinto ozenze kimi", awubizi igama lomuntu siyezwana? Noma kungathiwani ubethumela izilwane zomphendukela

Ukuvika isichitho

Umuthi awusebenzi ozama ukususa izigandlo ngawo. Awusazi ukuthi uhlanganise ini nani ngoba ubathe uzama lokhu kuyala uze ujikelwa nayisiwasho obese uthembele kusona. faka ku 10 litre ugeze ngaphandle kwekhaya, uphalaze esigangeni. Emva kwalokhu bese usebenzisa lomuthi esikhulume ngawo wokuphindisela izinduku emuva. kodwa wena uyobe usuphiphekile wabamusha. uma usebenzisa lenduku akuhlali sichitho lah uhlezi usesimeni. Uyakusebenzisa lokhu ukuvika isichitho.

Ndube Anathi Eyi ngibhekene nobobunzima kumanje ngikhule ngineschitho ebuswen kwaphela lokho kwavuka idliso ngithe ngiyabhek nasi nesilwane funek ngislahlile amandlebe ebengezw ntlobo ngisemncane hay manje ungibambe shiqi umndawe Uma nje ngabon ibhubesi or ingwe ngiya shake umqala nekhanda nezinyawo or umzimba wonke noba ngiyaziphuph lezizilwane ngiyovuka ngi shake ngalesoskhath umsebenz awubonwa dololo uwuvalile😥😥🙆🙆

Video efundisa ngemithi yonke

Funda ngemithi lapha ngezansi

A
I
U
UM
Amafutha

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?